Ukubekwa okusemthethweni kwezishicilelo yigama elamukelwe emhlabeni wonke jikelele.
Kuyini "ukubekwa okusemthethweni"?
Ukubekwa okusemthethweni kuyisibopho somthetho sabashicileli bazo zonke izinhlobo zemiqulu ukuba babeke inani elithile lekhophi ngalinye yaleyo miqulu abayishicilele ezindaweni ezithile okubekwa kuzo lezo zishicilelo ngokusemthethweni.
Imiqulu kumele ithunyelwe ezindaweni ebekwa kuzo ngokusemthethweni ngezindleko ezithwalwa ngumshicileli, futhi lokhu kumele kwenziwe zingakapheli izinsuku eziyi-14 zesishicelelo.
Inhloso yokubekwa okusemthethweni kwezishicilelo kuwukuqoqa, ukugcina kanye nokwenza kutholakale kuzizukulwane zamanje nezizayo ubuhlakani kanye nendabuko yamasiko elizwe, ngaphezulu kwalokho ukuqinisekisa ukufinyeleleka ngokukhululeka kuyo yonke imiqulu etholakele.
Umthetho mayelana nalokhu waqhutshekiselwa phambili ngoMthetho wamaLungelo okuShicilela ka 1965 kanye noMthetho wokuBekwa okuseMthethweni kweziShicilelo ngo 1982, kuze kube ngumthetho okhona manje, uMthetho wokuBekwa okuseMthethweni waphasiswa ngo 1997, ukuba ufake phakathi ukubekwa kwemiqulu ye-elekthroniki kanye naleyo miqulu eyizimviwa-kubukelwa.
Umqulu uyinoma yini ehloswe ukugcinwa noma ukudlulisa umlayezo oyitheksthi, umdwebo, okubonwayo, okuzwakalayo noma yinoma iyiphi indlela yokuxhumana okunobuhlakani.
Yini okumele ibekwe?
Izimali zasemabhange noma amasheke.
Kuqinisekisa ukufinyeleleka kuyo yonke imiqulu eshicilelwe eNingizimu Afrika.
Kungenye yezinsika zolwazi olukhululekile.
Kuyirekhodi lazo zonke izishicilelo ezikhiqizwa yizwe.
Kuqinisekisa ukuthi okungenani ikhophi elilodwa layo yonke imiqulu eshicilelwe liyalondolozwa bese litholakala ngokubolekwa.
Kulondoloza umsebenzi wababhali kanye nabashicileli ukuze usetshenziswe ngabacwaningi besikhathi esizayo.
Kwakha isisekelo sokuhlanganisa ndawonye Umlando kaZwelonke weNingizimu Afrika, owazisa abasebenzisi bawo ezweni lonke ngezishicilelo ezikhona ngalokho-ke kuthuthukise ukusatshalaliswa kanye nokuthengiswa kwawo.
Inombolo yocingo ongathola kuyo usizo iyatholakala esikhungweni somtapo wezincwadi sikaZwelonke saseNingizimu Afrika ukuze kuchazeke kahle izindaba ezithintana nokubekwa okusemthethweni.
